UMFELANDAWONYE wezifundiswa, izinhlangano zomphakathi, abaholi bezenkolo, amalungu omphakathi, nezinhlaka zikahulumeni wokulwisana nenkinga yezidakamizwa eMlazi uholele ekwenziweni kwezifungo zokuba kutholwe amasu amasha okulwisana nale nkinga kulandela ukwethulwa ngokusemthethweni kwabayingxenye yohlelo okulindeleke ukuba lwedlulele nakwezinye izindawo KwaZulu-Natal.

Amalungu alo mfela ethulwe emcimbini obuseMangosuthu University of Technology (MUT), lapho kuvezwe khona ukuthi bonke abezinhlangano zomphakathi baqale ngokuqeqeshwa ukuze bezowuqonda kabanzi umsebenzi abazowenza ngokuhlanganyela neMUT, iNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN), abezomthetho, abezinhlaka ezilwisana nezinkinga ezehlukene, kanye nabaholi bomphakathi.