Ikhono eliyingqayizivele nobuhlakani kumuphendule usomabhizinisi ongaconsi phansi, UNks Thandazile Faya weTeefayaBakery ulaxaze iziqu, wasebenzisa ikhono lakhe ukuxazulula inkinga ekhungethe umphakathi avela kuwo waKwaDabeka
INKINGA yokuswela isinkwa nezinye izibiliboco ezibhakiwe into esizophela khona maduze emphakathini waKwaDabeka njengoba isinqazu sentokazi esiqale ukubhaka njengendlela yokuqhuba isikhathi sesinqume ukuba siqale ibhizinisi lemikhiqizo ebhakiwe ngenhloso yokumelana nale nkinga.
Ukuthola iziqu zeDiploma in Tourims Management eDurban University of Technology (DUT) kukaNks Thandazile Faya, akuvimbanga umphakathi waKwaDabeka ukuba uthole ingelosi ewukhiphe otakwini njengoba elandele inhliziyo yakhe nakuba ebesevulekelwe inqwaba yamathuba.
Esikhundleni sokuba asebenzise iziqu zakhe ekutholeni umsebenzi, ulandele kwizimfundiso azithola eDUT zokuthi zonke izitshudeni ezigogoda kule nyuvesi kumele zibuyele emphakathini ezivela kuyo ukuyoxazulula izinkinga ezikhungethe abahlali.
Akasebenzisanga iziqu zakhe, kepha izimfundiso izona ezimkhuthaze ukuba eqale ibhizinisi lakhe esikhundleni sokulinda umsebenzi kwazise izifundiswa eziningi ziduve emakhaya ngenxa yokushoda kwamathuba emisebenzi eNingizimu Africa.
Echaza ngokuthi kungani akhetha ibhizinisi lokubhaka, uThandazile weTeefayaBakery, uthe isimo somphakathi aqhamuka kuwo yiso esamunikeza icebo lokubha enze imikhiqizo ebhakiwe. Lokhu kudalwa izinga eliphezulu lobubha nokuba semphakathini oqhelelene nezinto.
“KwaDabeka indawo yasemakhaya. Kwizinto eziningi siza ngemuva kwezindawo zezicebi nasemalokishini. Izinkwa zifika emva kwesikhathi, nanoma sezifikile, bayabaleka abakwazi ukuzithenga ngoba sezimba eqolo, ekubeni sengamelwe ububha ngenxa yokuntuleka kwemisebenzi,” esho.
Uthe lezi zimo zenza ukuthi abaningi begcine bengasazithengi izinkwa, okweminye imikhiqizo ebhakiwe khona akusacatshangwa ngoba kubukeka njengento emosha imali encane imndeni enayo. Ukuthatha kwakhe igxathu lokuqala ibhizinisi sekukhiqize imisebenzi njengoba eseqashe abantu ababili.
Ngenxa yezingqinamba abengalindele ukuhlangabezana nazo, uThandazile ube esenquma ukungenela uhlelo iCentre for Social Entrepreneurship Business Incubator Programme yaseDUT, kuyo afunde kabanzi ngokusetshenziswa kwezimali, ukugcinwa kwemininingwane, nezokuphatha.
“Ngifunde ukuthi ibhizinisi likhangiswa kanjani, ukugcinwa kobudlelwane nokuphathwa kwamakhasimende, kanye namasu okudlondlobalisa ibhizinisi,” kusho uThandazile osehlele ukuba ethenge i-container enkulu nemishini edingekayo ukuze ezomelana nomthamu wamakhasimende asenawo.
Nakuba eqonda ukuthi izinhlelo anazo ngebhizinisi lakhe ngeke zifezeke ngokushesha, kepha unethemba lokuthi eminyakeni ezayo iTeefayaBakery izobe isinezikhwama zayo zemikhiqizo ayithengisayo, eyithengise nakwezinye izindawo ezibhekene nenkinga efanayo nomphakathi waKwaDabeka.
