*UGCWELE INTOKOZO OWESARDA NGOSIZO LWEHOLLYWOOD FOUNDATION *

Ugcwale intokozo uLibby Durk onguSihlalo weSouth African Riding for the Disabled Association (SARDA) ezinze eHillcrest ngenkathi abakwa Hollywood Foundation bebanikelela ngezi R250 000. I-SARDA iyinhlangano ehlinzeka ngezinhlelo zamahhala kubantwana abaphila ngokukhubazeka komzimba nokomqondo ukuze bakwazi ukufunda kahle ezikoleni. UDurk ubalule ukuthi lemali izobasiza kakhulu kwazise loluhlelo luza nezindleko eziningi okubalwa ukunakekelwa kwamahhashi kanye nezinsiza ezidingakala […]

*KUZOQALA OWOMKHAYA KOWEPRINCE MANGOSUTHU LEGACY CUP*

Imidlalo yaminyakayonke ye Prince Mangosuthu Legacy Cup izovula ngomkhaya baseSwatini naKwaZulu-Natal ePrince Mangosuthu Regional Stadium zingu 18 kuJuly. Ngonyaka ophelile lemidlalo yanqotshwa iNsingizini Hotspurs yaseSwatini kanye naMazulu FC ngemuva kokuba umdlalo wamanqamu phakathi kwalamaqembu wamiswa ngenxa yesimo sezulu. Kulokhu lamaqembu akhuze ibuya kanti azobhekana neMbabane Highlanders yaseSwatini kanye noLundi United lwasoLundi. Kulokhu iNsingizini izovula lemidlalo […]

LO MDLALO UYIQUMBE PHANSI I-COOPER BELTS LADIES

Coach we Copper Belts Ladies, uTebatso Sebela, uthe akukubi nakuba bengabuyanga naphuzu emdlalweni wabo ne University of Western Cape kwi festival ye Hollywoodbets Super League ebiseMpumalanga Stadium, eHammarsdale. EzikaSebela ziguqiswe ngo 1_  0 nokuyimanje bahlezi ku 4 namaphuzu angu 9 emdlalweni eyi 5 abasayidlalile.Leliqembu lizozilungiselela ukubhekana neMamelodi Sundowns Ladies zingu 22 ku-August eSol Plaatjie University […]