YIZE kuyinto engajwayelekile kangako ukuthi umuntu osamusha asungule ibhizinisi lisimame esikhathini esingesingakanani, liphinde lizimele kodwa bakhona bayingcosana abakwazi ukuyibamba ishisa injalo insimbi ngenxa yokuphokophela phambili. U-Linathi Mbebe oneminyaka engu -21 ungomunye wentsha esisebenze ngokuzikhandla ukufeza amaphupho akhe Uvale ibhizinisi lokuhweba ngempahla yokugqoka i-Trader’s Choice Wholesalers.

Kusukela ngonyaka ka-2023, uMbebe waqala leli bhizinisi kanye nomfowabo uLeon Mzimela (23) , uthi kwaba yinto nje ababeyenza ukuze bekwazi ukulekelela ekhaya ngakwezezimali , nakuba baqala bezidayisela nje izimpahla zamasekeni ibhizinisi selisimame kangangokuba sebenayo nendawo abasebenzela kuyo baphinde bagcine impahla yabo.

“Ukuqala kwethu sidayisa impahla eyisekeni sasinephupho lokuthi nathi ngelinye ilanga sibe nebhizinisi elikhulu elidayisa impahla entsha, yingakho bekuthi uma sithola inzuzo ebhizinisini , besiyonga siqongelele. Besingagcini-ke lapho , besiphinde siqinisekise ukuthi siyaziwa la ngaphandle yingakho sagcina sesithola abantu abafisa ukusisiza sikhulise ibhizinisi lethu lisibeke la esikhona manje”, kuchaza uMnuz Mbebe.

Kusukela ngonyaka ka 2023/24, ibhizinisi labo bebeliqhubela ekhaya bengakabi nayo indawo yokusebenzela , yize basebenakho ukwesekeka kodwa babengakafinyeleli kwinani ababeliqongelela ukuqinisekisa ukuthi imali ekhona yanele ukukhokhela zonke izindleko . Kuthe ngokuhamba kwesikhathi bakwazi ukuthola indawo yokusebenzela nokugcina impahla e Verulam khona eThekwini, okuyilapho abagcina khona impahla yabo esuka phesheya.

“Emva kokuthola indawo yokugcina impahla sibe sesiba nabathengi abayinqwaba njengoba sidayisela labo abafisa ukuthengisa ngempahla . Okwethu thina ukuthi sithenge impahla eningi bese siyidayisela labo abafuna ukuyithengisa emiphakathini yabo , sibhekane nobunzima ke njengoba kungahlelekile ukuhlangana namakhasimende endaweni esigcina khona yonke impahla yethu, sibe sesinquma ukuba ne hhovisi lokusebenzela edolobheni eNyakatho neTheku ku 27 Bram Fischer Road , okuyindawo eseduze nokulula

kuyo khona eThekwini,” kusho uMnuz Mbebe.

Ukuqongelela yonke imali abayitholayo yikho okwenze ibhizinisi labo lasimama bakwazi nokuzuza lokhu asebenakho , uMbebe uthi ukholelwa ekubekeni yonke imali eyenziwa ileli bhizinisi bangayisebenzisi budlabha ngoba ekugcineni iyona evala isikhala uma sekumele benze izinto ezidinga imali.

Yize bengakafinyeleli lapho abazibona bekhona njengebhizinisi lokuhweba impahla yokugqoka, uMbebe nethimba lakhe sebeqalile banikelela emiphakathini , ngonyaka owedlule banikele ngezinsiza kusebenza kubafundi ezikoleni ezingamile kahle e Maoti besebenzisana ne Siwe Group.

Akuvamile- ke ukuthi ibhizinisi lingafisi ukusebenzisana namabhizinisi noma izinkampani ezinkulu ikakhulukazi uma lisakhula, kodwa uMbebe uthi akacabangi ukuthi bakulungelel ukusebenzisana nabanye abantu okwamanje njengoba besafuna ukuzimela bazikhulisele bona ibhizinisi.

Ngokuchaza kwakhe uthi ,” Ngikholelwa ukuthi kumele siqale sisebenze kanzima isikhathi esidana impela ukwakha isisekelo esiqinile singajahi uphahla , ukubona imiphumela yokusebenza kanzima kwethu , sidle ngezithukuthuku zethu kuqala kuyinto ebaluleke kakhulu ngaphambi kokuthi selule isandla sisebenzisane nabanye abantu asebephumelele.”

Ephetha ushiye intsha neseluleko esithi “uma ungumuntu ofuna ukuqala into yakhe njengebhizinisi , kumele ukulungele ukuwa uphinde uvuke , wehlulelwe uze ungabaze amandla nephupho lakho , kodwa kukho konke uma uyazi into oyilangazelele kumele ungavumeli izingqinamba nohlobo lwamagama alulazayo akuqede amandla , uphokophele phambili ngaso sonke isikhathi.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *